Kungenxa Yothando - Notes for the Whole Book (1) PDF

Document Details

IntriguingAmaranth

Uploaded by IntriguingAmaranth

St Andrew's School for Girls

Tags

literature notes character analysis story summary Xhosa literature

Summary

This document appears to be notes on a Xhosa story. It details character descriptions and relationships, and provides a page-by-page summary of the plot.

Full Transcript

KUNGENXA YOTHANDO LWAMI KUWE AMANOTHI ENCWADI ________________________________________________________________ Abalingiswa Kumele ukwazi ukuchaza ngamagama akho ukuthi: Abalingiswa banjani (describing the characters). Bahlobene kanjani (how they are related). uNokubonga...

KUNGENXA YOTHANDO LWAMI KUWE AMANOTHI ENCWADI ________________________________________________________________ Abalingiswa Kumele ukwazi ukuchaza ngamagama akho ukuthi: Abalingiswa banjani (describing the characters). Bahlobene kanjani (how they are related). uNokubonga - Ngudadewabo / ngusisi kaZinhle - Ngu-anti kaNanana uZinhle - Ngudadewabo / ngusisi kaNokubonga - Ngumama kaNanana - Uthanda uNanana ngenhliziyo yakhe yonke uNanana - Yindodakazi kaZinhle - Ngumshana kaNokubonga Usista Kubheka - Ngumama kaZamile - Uqashe uZinhle 1 uZamile - Yindodakazi kasista Kubheka - Uyeka isikole uThozo - Usisi kaZamile - Uyeka isikole uKwanele - Ngumngani kaZamile uThobelani - Ngubaba kaNanana - Usiza uZinhle ukuba akwazi ukubona udokotela wesikhumba ozomhlinza 2 Indaba (page by page summary) Ukufingqa ikhasi 2:  uNokubonga usele nengane kaZinhle ngoba uZinhle usasemsebenzini  uZinhle ubamba amatoho (ukuwasha, uku-ayina, ukuhlanza indlu) emizini yabantu  Sithola ukuthi uyise / ubaba kaNanana wamshiya uZinhle kanye nomntwana wabo Ukufingqa ikhasi 3:  uNokubonga utshela uZinhle ukuthi uzophuza ukulala ngoba uzokwenza amabhengela nemigexo ngobuhlalu  oZinhle bahlala endlini yomxhaso kahulumeni abayibhaliselwa ngumama wabo (uKaMahaye), kanti bebekade behlala emkhukhwini omdala owemuka nezikhukhula  Umama wabo ushone (passed away) ezinyangeni ezimbili ezedlule  Umama kaZinhle wayengaphathekile kahle uma ethola ukuthi uZinhle ukhulelwe  uZinhle muhle ngale ndlela yokuthi ucelwe yinkosi ukuba imshade Ukufingqa ikhasi 4:  Abantu abafundile baseNgudwini ngothisha, amaphoyisa, omabhalane nabahlengikazi  uZinhle usiza emzini womhlengikazi ohlala nezingane zakhe ezine (4) nomyeni wakhe  Ngusuku lakhe lokuqala emsebenzini Ukufingqa ikhasi 5:  uZinhle uxoxela uNokubonga ngosista KuBheka ukuthi unolaka (futhi uyadelela). Indlela akhuluma ngayo noZinhle iveza lokhu. Ukufingqa ikhasi 6:  uZinhle usaxoxela uNokubonga ngosista KuBheka. Uphatheke kabi ukuthi aksitholi isikhathi esanele nengane yakhe  uZinhle ngumuntu okhuthele (“wayesebenza ngokuzikhandla nokuzinikela” kwasista Kubheka)  uNokubonga wenza umsebenzi wezandla ukuze asize ngokuthenga ukudla endlini 3 Ukufingqa ikhasi 7:  Ingane kaSista Kubheka (uZamile) iyadelela: - Ayithandi kwenza lutho endlini - Ubenza wonke umsebenzi wasendlini ngaphambi kokuba kufike uZinhle kubo - Ugeza ashiye amanzi engawachithile futhi akaziqoqi izingubo zakhe uma zichitheke phansi  Usista Kubheka utshela uZinhle ukuthi yini elindeleke kuye njengoba emsebenzela  Usista Kubheka unengane encane elingana noNanana, igama layo nguThozo  uZamile unomngani afunda naye ibanga lesishiyagalombili. Bangamathe nolimi (very close / bestfriends) Ukufingqa ikhasi 8:  Uma uZamile evakashelwe ngumngani wakhe, bashiya kungcolile (okukhombisa ukuthi abahloniphi)  uKwanele ungumngani ongalungile ngoba ududa uZinhle ngezinto ezimbi (ukubhema, ukudoja esikoleni), kanti uZinhle uyamtshela ukuthi uma umama wakhe engamthola enza okubhedayo uzomshaya Ukufingqa ikhasi 9  uZamile benoKwanele basaxoxa, baxoxa ngokuthi bazophuma kanjani endlini ukuze baye ebhayisikobho, kanti uZinhle ubalalele  uZinhle uhlebela usista Kubheka ngecebo likaZamile benoKwanele  uZamile uqambela umama wakhe amanga uthi ngeke aphumelele ukuyothatha ipasi nomama wakhe ngoba banesivivinyo ngakusasa, kanti akazi ukuthi umama wakhe uyazi ukuthi ngamanga awashoyo Ukufingqa ikhasi 10:  uZamile udiniwe ngoba uZinhle utshele umama wakhe ukuthi bebekade bexoxa ngani benoKwanele 4 Ukufingqa ikhasi 11:  uZinhle utshelwa ngusista Kubheka ukuthi akakwazi ukudla noma yini ayifunayo endlini yakhe  uNokubonga bayabonisana ukuba bangayidli yonke imali yabo ukuze bakwazi ukubeka imali yokuthi bakhe enye indlu  Bafuna ukwakha enye indlu ngoba abakwazi ukupheka baphinde balale endaweni eyodwa Ukufingqa ikhasi 12:  uNokubonga benoZinhle bakwazile ukubeka imali, base bakha indlu yotshani  uNanana usekhulile  uNokubonga uthola imadlana ngokudayisa imigexo  uZinhle utshela uNokubonga ukuba kungcono babeke imali ukuze uma uNanana eseqala esikoleni, ezokwazi ukukhokhela konke okuzodingeka ngaleso sikhathi Ukufingqa amakhasi 13-14:  uZinhle usedolobheni uzithela kubaba kaNanana kodwa ubaba kaNanana akamboni yena, uthi ebheka emuva kanti nobaba kaNanana uzobheka emuva, uyamfanisa uZinhle kodwa namanje akamboni Ukufingqa ikhasi 15-16:  uZinhle, uNokubonga noNanana bacambalele ngaphansi kwesihlahla  uZinhle utshela uNokubonga ukuthi ubone ubaba kaNanana edolobheni, uNokubonga uyabuza ukuthi akamuqhwebanga ngani, kodwa uZinhle uthi akathandi ukudatshukelwa  uZinhle usesebenze kwasista Kubheka waze waba neminyaka emihlanu uNanana  uZinhle uhambisa uNanana kudokotela ngoba ubeshisa umzimba wonke ebusuku futhi engaphefumuli kahle  uZinhle akayanga emsebenzini isonto (week) lonke ngoba uNanana wayegula isonto lonke, ngenxa yalokho akalitholanga iholo (pay) lakhe lonke kusista Kubheka Ukufingqa ikhasi 18 :  umngani kasista Kubheka, usista Mfeka, wayemvakashele. Usista Mfeka wabona ubuso bukaZinhle wabuza usista Kubheka ukuba kungani engamtholeli usizo 5  uZinhle uzwe igama likadokotela ongamsiza ngobuso bakhe ngesikhathi bekhuluma osista, kodwa akanaso isikhathi sokuyombona ngoba usebenza kuze kube uMgqibelo Ukufingqa ikhasi 19:  Uma efika endlini uZinhle, utshela uNokubonga ngezindaba ezinhle zokuthi usethole udokotela ozomsiza  Izinsuku ezimbili ngaphambi kwephasika, uZinhle ubengasebenzi, ngakho-ke ubone kungcono ayobona udokotela esibhedlela. Udokotela umnike umuthi wokugeza nowokugcoba ubuso. Kumele abuye emva kwezinyanga eziyisithupha ukuze udokotela amhlole. Ukufingqa amakhasi 20-21:  Uma ephuma esibhedlela uZinhle, ubona ubaba kaNanana egqoke izingubo ezimhlophe ezikhombisa ukuthi usebenza khona esibhedlela, kodwa namanje ubaba kaNanana akamboni kahle uZinhle  Wayesekhulile uNanana, eneminyaka emihlanu nesigamu – ngenxa yobude bakhe, othisha bamenza waqala ibanga lokuqala Ukufingqa amakhasi 22-23:  Emva kwezinyanga ezintathu, uNanana ubengasafuni ukuya esikoleni  Ngosuku lokuvalwa kwezikole, uZinhle wahamba noNanana ukuya esikoleni bafica kumi amantombazane amaningi esangweni lesikole  Amantombazane lawa aqala ahleka uNanana ase embuza ukuthi kungani elethwa ngumama engekho ubaba, bakhuluma bonke kabi nonanana bemuqhwaga (bullying her). uNanana wakhala ngenxa yalokhu, waze wabuya ekhaya ephatheke kabi engasho lutho Ukufingqa amakhasi 24-25:  uZinhle uthola ukuthi uNanana uphasile  uZinhle ubuza uNanana ukuthi ukhathazwa yini, uNanana akhale aze athule, kodwa amtshele umama wakhe ukuthi yini emphatha kabi: - izingane zasesikoleni ziyamhleka zithi yena akanaye ubaba  Ekuqaleni konyaka omusha, uNanana utshela uNkosikazi Sibisi ngokuqhwagwa abantwana besikole 6  uNkosikazi Sibisi ujezisa (punishes) bonke abantwana abaqhwaga uNanana Ukufingqa ikhasi 26:  UNokubonga noZinhle bayakhuluma, bayakhohlwa ukubheka uNanana. UNanana uyazihambela ayozikhulumela nabahlengikazi.  Abahlengikazi bayamthanda kakhulu ngoba uyingane ehlanzekile futhi uyingane ehloniphayo. Ukufingqa ikhasi 27:  UThobelani uyathuka uma ezwa uNanana esho ukuthi ngubani umama wakhe  USista Mfeka utshela uNanana ukuba ayobiza umama wakhe Ukufingqa amakhasi 28-29:  UZinhle noThobelani bayabonana esibhedlela bangakholwa ukuthi bayabonana  UZinhle utshela uThobelani ngengozi eyamvelela ngesikhathi kusha indlu wagcina esha ebusweni  UThobelani ubeseqala ukumnakekela uNanana efuna ukuba empilweni yakhe njengobaba wakhe  UZinhle noThobelani besebebonana isikhathi esiningi kakhulukazi ngempelasonto ukuze bachithe isikhathi ndawonye  UNokubonga uhlaselwa yisifo esingaziwa esenza ukuthi izandla zakhe zivuvukale. Lokhu kuholela ekutheni angasakwazi ukwenza umsebenzi wesikole Ukufingqa amakhasi 30-31:  UNanana usesiza uNokubonga ngomsebenzi wezandla. Wenza umsebenzi omuhle kakhulu.  UZinhle ucela uThobelani aphathele uNokubonga amaphilisi ezinhlungu (painkillers) Ukufingqa amakhasi 32-35:  UNanana uhlakaniphile kakhulu esikoleni 7  Kunomncintiswano womsebenzi wezandla  UNanana naye uwungenele lo mncintiswano  Sekufike isikhathi sokuthi amajaji anikeze imiphumela yomncintiswano  Ophume isithathu nguLerato Xaba ofunda eMzomusha Primary School  Ophume isibili nguBusiswa Mbatha ofunda eBuhlebemvelo Primary School  Ophume kuqala nguNanana Sokhulu ofunda eKhulisani Primary School  UZinhle wayejabule kakhulu, kanti noThobelani wayesezwile emaphephandabeni ukuthi uNanana ubahlule bonke emncintiswaneni  UThozo utshela umama wakhe ngemiphumela yomncintiswano. Lento yamdina (annoy) usista Kubheka.  USista Kubheka ubuza UZinhle ukuthi kungani efika ngemva kwesikhathi (after working hours have started) Ukufingqa amakhasi 37-39:  Abantwana bayaqala futhi baqhwaga uNanana. Babuza uNanana ukuthi kungani umama wakhe emnyama ebusweni  UNanana ushaya uThozo ngempama  UNanana utshela umama wakhe ukuthi abantwana batheni futhi, UZinhle wamchazela ukuthi washa kanjani ebusweni (Explanation of what happened is on page 39) Ukufingqa amakhasi 41-42:  UNanana ubheka izithombe zikamama engakashi. Uyamncoma umama wakhe ukuthi wayemuhle kakhulu kanti namanje usamuhle kuye  Izingane ziyaphinda ziqhwaga uNanana kodwa uNanana akazinaki, uyaziceba (to tell on)  Uthishanhloko uxosha wonke la mantombazane uthi mawabuye ngakusasa kanye nabazali Ukufingqa ikhasi 43:  UZamile uyeka isikole futhi uyaziphuzela  UThozo untshontsha imali kamama wakhe. Akahlakaniphile nasesikoleni. Ubesehlala elala emzini yabantu engasayi nasesikoleni. 8 Ukufingqa amakhasi 44-47:  UThobelani uxolisa kuZinhle ngokungamsizi ekukhuliseni uNanana  UThobelani ubhukhela UZinhle udokotela wesikhumba waseNigeria ukuze ahlinzwe (surgery / operation)  Kusebenza umuntu omusha kwasista Kubheka, uMaMntambo, ongadlali nabantwana, uyabaqondisa oZamile njengoba bedelela  Ngosuku lokuphuma esibhedlela, UThobelani wathatha UZinhle ngemoto yakhe wamusa ekhaya  UThobelani wathengela UZinhle isibuko ukuze azibuke kahle uma esekhumule amabhandishi. UZinhle akakholwa ukuthi nguye lo omuhle kanje  UThobelani ucela UZinhle ukuba amshade  UThobelani usiza UZinhle ngokufaka isicelo somsebenzi esibhedlela nangempela awuthole umsebenzi -------------------------------------------------------------------------------------------------------------------------------------- Indawo: (Yindawo yaseNgudwini) Yisemakhaya: - Kuhambeka ngezinyawo - Kunenkosi yendawo - Kunezindlu zotshani Isikhathi: Samanje: → Imizi eminingi yaseNgudwini yakhiwe kahle → Kunezimoto (uThobelani unemoto) → Basebenzisa ama-ayina, amaketela nezitofu → oZamile badlala ngamaPlay Station → Kunothisha namaphoyisa → Kuthathwa amapasi / izingane zesikole zithatha amapasi 9 Isimo senhlalo: - Asisihle / Bayahlupheka oZinhle (Ikhasi 3 kuthiwa badla imbuya ngothi (Isaga [saying]), okusho ukuthi bayahlupheka, uZinhle uhola imali encane kakhulu, kanti uNokubonga naye uyazama ukuthi afake imali endlini ngokwenza imigexo - Sihle / baphila kahle kwasista Kubheka ngoba usebenza umsebenzi omuhle futhi izingane zidlala ngama-Playstation okuveza ukuthi baphila kahle Izindikimba: (Kumele ukwazi ukuchaza izindikimba) - Uthando - Umndeni - Ukuhlupheka - Uxolo / ukuxolela [uZinhle uxolela uThobelani emva kweminyaka emshiyile] Udweshu: - Sithola udweshu lwangaphandle phakathi (between) kukaZinhle noZamile. UZamile uthola ukuthi uZinhle umcebile kumama wakhe ngoba ezwe bexoxa benoKwanele. Ngenxa yalokho, uZamile uthethisa uZinhle amdelele amkhumbuze ukuthi uyini umsebenzi wakhe njengoba esebenza kubo. - Sithola udweshu lwangaphandle phakathi kukaNanana noThozo [uNanana ugcina eshaya uThozo ngempama] 10

Use Quizgecko on...
Browser
Browser